Return

N228 Diakonia Centre, 20 St. Andrews Street, Durban, South Africa P. O. Box 61139, Bishopsgate 4008, South Africa  Tel: +27 31 307 4038   Fax:+27 31 306 7490

Email:    stnet@iafrica.com Website: www.streetnet.org.za

 

November 7th 2006     

INSELELE ESIYIPHONSELA UMASIPALA WASETHEKWINI:

 YENZA ITHEKU LIBE YIDOLOBHA ELISEZINGENI LOMHLABA KUBO BONKE ABANTU NJENGOBA SEKUSONDELE INDEBE YOMHLABA YEFIFA NGO-2010

 Sekuphenduke kwaba yiqiniso elimsulwa ukuthi uma izwe lilungiselela ukusingatha umcimbi ocokeme wamazwe ngamazwe, lelolizwe kanye nabaphathi bohulumeni basekhaya benza amalungiselelo okwakha “Amadolobhakazi Asezingeni Lomhlaba” ayinhlotshana ethile, phecelezi, Amadolobhakazi Asezingeni Lomhlaba:

-         azoheha umcebo wakwamanye amazwe;

-         anengqalasizinda esilolongwe ngendlela yesimanjemanje;

-         angenazimpawu ezibonakalayo zokuguga kwedolobha;

-         anemizila emihle yokuhamba izithuthi;

-         angenabo abantu abanezimpawu zobuphofu noma abanezinkinga kwezenhlalakahle. 

Ngokujwayelekile lokhu kubandakanya ukuxoshwa kwabadayisi basemigwaqweni, ngesinye isikhathi kuhambisane nezinhlelo “zokukhucululwa kwemikhukhu” lapho abantu abampofu ngokweqile abayizakhamuzi zezwe bebuye balahlekelwe amakhaya abo.  Abaningi balabo abasanda kulahlekelwa amakhaya, ngenxa yokungayitholi imisebenzi, nabo baziphilisa ngemisebenzi yokuziphantela – abaningi babo ngabadayisi basemigwaqweni – okusho ukuthi labobantu balahlekelwa amakhaya abo ngokunjalo nayindlela yokuziphilisa, bangasazi ukuthi yini abazokwethembela kuyo yokuzigqwabela.  Uma engekho amanye amaqhinga avezwayo. 

Imithelela kwezobulili:  Ukwakhiwa “Kwamadolobhakazi Asezingeni Lomhlaba” ohlobo oluthile kuvamise ukuthi kuqalwe ngezinhlelo zentuthuko ezikhiphela ngaphandle noma ezingabanaki abantu abampofu.  Emigwaqweni lokhu kudala izimpi ezimbi, ezivamise ukuhlomisa imizabalazo yabadayisi basemigwaqweni, bese kuthi abesifazane banyamalale okwangempela emehlweni omphakathi njengoba nodaba lwentuthuko lusuke selunyamalele ezinhlelweni.  Abesifazane baphenduka amahlwempu ngokwephucwa indlela yabo yokuziphilisa ezindaweni zamadolobha, kuyilapho amadoda elwa imfazwe yokuzivikela.  Uma kwenzeka kubakhona isixazululo ekupheleni komzabalazo, labo abanamandla yibona okuvunyelwana nabo esixazululweni sabo nabaphathi – kanti labo abavele baxoshwa kwasekuqaleni (iningi labo okungabesifazane) basala bengaziwa, belitshelwe, bamelwe ukuqala phansi bahambe bethungatha indawo yokuzama ukuziphilisa. 

-         UStreetNet International uzosungula umkhankaso weWorld Class Cities for ALL (WCCA) okungumkhankaso Wamadolobhakazi Asezingeni Lomhlaba okungawabo bonke abantu. Lokhu kwenzelwa ukuphonsa inselele kulomkhuba wakudala wokwakha amaWorld Class Cities ukuze kukhulunywe nge- “World Class Cities for All” lapho iqhaza lizobe libanjwe abadayisi basemigwaqweni kanye namanye amaqembu abantu abampofu (basemadolobheni).  Lomkhankaso uyogxila kakhulu kubantu besifazane kanye nabanye abadayisi basemigwaqweni abasesimweni esibucayi ababa ngabokuqala ukulahlekelwa yindlela yokuziphilisa futhi iningi labo elingabonakali neze ezinhlelweni eziningi zalokhu abathi ama- “World Class Cities”. 

SIMEMA UMASIPALA WASETHEKWINI UKUBA AWUNGENELE LOMKHANKASO 

UMasipala waseThekwini usehlele iNkomfa ngenjongo yokuvula inkundla yezingxoxo eziqondene nesimo sezoMnotho Ongabhalisiwe (Informal Economy).  Izinjongo ezisemqoka zaleNkomfa zimi kanje:

-         Ukusungula inkundla ngenjongo yokuchathazelana ngolwazi nokubonisana nabo bonke abaneqhaza abasebenza ngaphansi kwesimo sendawo yezomnotho ongabhalisiwe

-         Ukubukeza iNqubomgomo Yezomnotho Ongabhalisiwe nokwendlala indlela eya phambili ekwenzeni ngcono ukusingathwa kwezoMnotho Ongabhalisiwe. 

Ekuhambisaneni kwethu nalezinjongo ezincomekayo, siyammema uMasipala waseThekwini ukuthi ahole indlela abe ngumsayini WALAMADIMANDI ALANDELAYO E-WCCA AZOTHUNYELWA KOMASIPALA: 

  1. Bawamukele ngokuphelele umbono we- “Wamadolobhakazi Asezingeni Lomhlaba okungawabo bonke abantu” oyodidiyela iqhaza labadayisi basemigwaqweni namanye amaqembu (abantu basemadolobheni) abampofu – oyokugxila kakhulu kubantu besifazane kanye nabanye abadayisi basemigwaweni abasesimweni esibucayi abathi ngokwesimo esejwayelekile baba ngabokuqala ukulahlekelwa yizindlela zokuziphilisa babuye baba ngabantu abangabonwa ezinhlelweni zama- “Dolobhakazi Asezingeni Lomhlaba”.

  2.  Bethembise ukuqinisekisa ukuthi akukho noyedwa noma iqembu labadayisi basemigwaqweni eliyohlukunyezwa ngokungemthetho yisimo sokuthuthukiswa kwedolobha noma yizindlela zokulungiswa kwedolobha ngoba kulungiselelwa iNdebe yoMhlaba yeFIFA yango-2010. 

  3. Bethembise ukuthi noma yikuphi ukugudluzwa kwabadayisi basemigwaqweni, nabadayisi bezimakethe abangabhalisiwe noma labo abahamba bedayisa abenza lowomsebenzi ngaphambi kokuqalwa kokulungiswa noma okwanhloboni kwedolobha noma ngaphambi kwemibono yokulivuselela, kuyobandakanya ezinye izindlela eziphusile nezamukelekayo eziyotholakala nakubahwebi abampofu ngokweqile, okubandakanya nabesifazane nabahwebi abasesimweni esibucayi. 

  4. Bethembise ukuba yingxenye yeqhaza emizamweni yokuxhumana nanoma yibaphi abantu noma amaqembu anogqozi okunokwenzeka ukuthi ayathinteka kunoma yingayiphi indlela ngenxa yesimo esidalwa noma kungabe yini ewukulungiswa noma yimizamo yokuvuselelwa kwedolobha okuhlosiwe ekwakhiweni kwamaDolobhakazi Asezingeni Lomhlaba. 

  5. Bethembise ukungena ezingxoxweni zezenhlalakahle noma ezingxoxweni eziqhubekayo zanoma yibaphi abantu noma amaqembu noma abameleli bawo abakhethwe ngomgomo wentando yeningi kunoma yisiphi isimo lapho ukulungiswa noma imizamo yokuvuselelwa kwedolobha ingahle ibe nomthelela ongemuhle emsebenzi wabo noma ekuziphiliseni kwabo.

  6. Basungule izinkundla ezididiyele bonke labo abathintekayo kulelo nalelodobha ukwenzela isiqiniseko sezingxoxo ezibandakanya bonke labo abangachemi nohlangothi oluthile nokuqhutshwa komsebenzi ngokubonisana, ezihlengwa wuhlaka lomGomo wokuziPhatha (Code of Conduct) owamukelwa yizinhlangano zabadayisi basemigwaqweni ngo-2004 njengengxenye yomsebenzi wokusungula umbimbi lukazwelonke lwabadayisi basemigwaqweni baseMzansi Afrika (olungakaphothuleki njengamanje) kanye nalokhu okulandelayo:

-         ukumelelwa kukahulumeni wendawo kubandakanye abalawuli kanye nabantu bokuqinisekisa (enforcement agents), kanye noSALGA noma abameleli bososesheni bohulumeni bendawo ezifundazweni;

-         abadayisi basemigwaqweni bamelelwe ngqo ngabameleli babo abazikhethele bona., ngokuqikelela ngenhlonipho ukumelelwa kwabesifazane (ngokuhambisana nesibalo abayiso kulezozitaladi) kanye nabadayisi abasesimweni esibucayi;

-         abadayisi basemigwaqweni abasebenza njengamahawu osomabhizinisi abancane noma abakhulu, noma abahlale bedala izinxushunxushu, abayukuthathwa njengabameleli bangempela babadayisi basemigwaqweni;

-         ukwakhiwa kwezakhiwo zezinkundla kwenziwe ngezinqumo zamaqhaza awo wonke amaqembu ukuze kugwemeke isimo sokubukeleka phansi kwabathile kube kungesiyona inhloso noma kugwemeke izimo okwangempela ezidala kuvimbeleke abathile;

-         izinyonyana zabasebenzi boMasipala (iSAMWU ne-IMATU) kanye neSAFA (iS.A. Football Associaton) bamelelwe njengezinhlangano ezinentshisekelo.

  1.   Bazibophezele emkhankasweni weWCCA (WamaDolobhakazi Asezingeni Lomhlaba Kubo Bonke) okungumkhankaso weStreetNet International oholela kwiNdebe kaFIFA yomHlaba ngo-2010 (bona incasiselo yomkhankaso ku-www.streetnet.org.za/WCCA.htm)

AmaDolobha Asezingeni Lomhlaba Kubo Bonke Abantu!!

Cha nokubekwa ezindaweni kungacatshangwanga ngezinye izindlela!!

Izingxoxo kanye nokubonisana nezinhlangano!!

Lutho ukwenzelwa sibe singekho!!

ABASAYINI ABAXHASA UMKHANKASO WE-WCCA

                         ISIKHUNDLA noma                                IZWE noma               

IGAMA            UMSEBENZI OWUQOKELWE            ISIFUNDAZWE            SAYINA                        

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

________________________________________________________

International Council members; Heung-Hyun Kim (Korea) (President) Ms Manali Shah (India) (Vice President) Elvis Chishala (Secretary) (Zambia) Fundile Jalile (South Africa) (Treasurer) Ms Teresa Ak’ongo (Kenya) Lameck Kashiwa (Zambia) Ms Juliana Afari-Brown(Ghana) Ms Naomi Biney (Ghana) Ms Madeleine Tounkara (Guinee) Ms Clarisse Gnahoui (Benin) Ms Albertina Simango (Mocambique) Ms Gloria Solorzano (Peru) Manuel Sulca (Peru) Arbind Singh (India)  Ms Farida Akter (Bangladesh)

Return